Thread: Izithakazelo
View Single Post
  #15 (permalink)  
Old 11th February 2005, 10:17
Mntongenakudla Mntongenakudla is offline
Registered User
 
Join Date: Jun 2004
Posts: 27
Bandla lakwethu

Mabandla kaMjokwane kaNdaba
Nina bakaPhunga noMageba
Nina beSilo
Nina bakaMthaniya
Nina enimpisholo ngebala - nimhlophe ngenhliziyo!

Nginibingelele bandl' eliphakathi. UmfokaMkhwanazi lona, inkwali yenkosi, uShamase wangempela, uMtubatuba kaSomkhele, uVeyane, uMpangazitha, uMntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa, uNdonga uqobo lwakhe.

Mzwakwethu, indaba yezithakazelo lena ingivusa usinga namadlingozi. Kuvele kuthi angishaye uzamthilili woqobo, ngithathe iqhabanga nomdlelo ngigiye ngibize abakithi. Awu suka madoda! Nokuncwada sengincwadile!

Bakwethu, izithakazelo zakithi ziningi kabi. Angikwazi ukuziphimisa ngiziqede kulengosi. Okusemqoka nje ukuthi nginicaphunele ngamafuphi kulenqolobane yomcebo wakwaNdonga.

Akeningitsheleke izindlebe zenu. Nakho ke ngibiza abakithi mina gcokama laseMtubatuba, iwundlu leSilo sohlanga:

Nkwali yenkosi
Nina bakaNkanankana
Unondela mzimb’ owanik’ abafokazana
Bunz’ ekhul’ elagedl’ imihanga
Layigedl’ eMabuzabuzane
Nina bakwaMthakath’ owathakath’ emini
Abanye bethakath’ ebusuku
Nina bakwaNkom’ isengwa ngokuqhubela
Kumabandla kaNjokwe
Nina bakaSakha lukhalweni lwabathakathi
Abakude bobuya khona
Nina bakaMbundu
Nina bakaShiy’ osefile
Nina bakaNdonga
Ngubonhloko
Abanye bazithwele
Abanye bazibelethe
Mpangazitha!
Nin’ eningaweli ngezibuko
Kodwa niwela ngezihlenga zolwandle
Nina basegud’ inkomo
Nina bakaNyamula kaMgabhi kaBohla
Nina bakwaNyathi ijamele kwaMzilikazi
BakwaNtaba kayikhonjwa
Ikhonjwa ngabazakuyakhel’ imizi
Nina bakaMaqhamasela njengelanga
Nina bakwaMtubatuba


Ayidle ishiyele ezinye mzwakwethu.

Okumhlophe kinina nonke babhemu.

Ayinamhlabeli.

uMntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa
inkwali yenkosi
umcondo yegusha

Inxangiphilile
KwaDlangezwa
KwelikaMthaniya
__________________
uShamase wangempela!
Umqwashisi - impohlo engenankinga!
Igcokama likaNdonga.
Isishwapha sikaSomkhele.
Yangcol' into ngayintshinga - bayicosha abafokazana!
Futheka mnyekefuli.
Ngiwuphula ngamabomu umoya wakho - yilento ekubulalayo!
Reply With Quote