Thread: Izithakazelo
View Single Post
  #17 (permalink)  
Old 14th February 2005, 11:32
Mntongenakudla Mntongenakudla is offline
Registered User
 
Join Date: Jun 2004
Posts: 27
Boya benyathi
Mthiyane

Hheshe wena weLembe! Waze wangikhumbuza umngani wami ovuth' ekhaleni. Naye ngowakwaNdlovu.

Angibonge kuwena nsizwa yamabutho. Wena wakwaNdlovu,

Gatsheni!
Boya benyathi!
Buyasongwa buyasombuluka.
Mpongo kaZingelwayo!
Nina bakwaNdlovu zidl' ekhaya,
Ngokweswel' abelusi.
Nina bakwaKhumbula amagwala.
Nina bakwaDemazane ntombazane
Nina bakwaSihlangu sihle.
Mthiyane!
Ngokuthiy'amadod'emazibukweni.
Nina bakwaMdubusi!

Ayidle ishiyele ezinye

uMntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa
inkwali yenkosi
umcondo yegusha

Inxangiphilile
KwaDlangezwa
KwelikaMthaniya
__________________
uShamase wangempela!
Umqwashisi - impohlo engenankinga!
Igcokama likaNdonga.
Isishwapha sikaSomkhele.
Yangcol' into ngayintshinga - bayicosha abafokazana!
Futheka mnyekefuli.
Ngiwuphula ngamabomu umoya wakho - yilento ekubulalayo!
Reply With Quote