|
Boya benyathi
Mfowethu, 'Uphoko Volume 1' luthande ukuntuleka kuma-book shops lapha KwelikaMthaniya. Nami ngiye ngalufuna, ngangaluthola kwa-Adams bookshop (West Street eThekwini)ngenyanga kaMasingana nyakenye. Ngiye ngababaza impela lapho umdayisi wezincwadi ethi izintothololo zivele zilushaqe luphele kuma-bookshops ngezimali zazo zempesheni! Namanje angikaze ngize ngiluthole.
Kepha ngiye ngaluthenga ngo-2003 kwa-Shuter & Shooter eMgungundlovu. Wena ke uyakwazi ukubathinta kwi e-mail, ukuze bakwenzele i-purchase order. Bese uyakhokha via internet, bayipose incwadi yakho.
Uyakwazi futhi ukucela amalunga omndeni wakho ngalapha, bakubhekele laphaya e-Adam Griggs, noma e-Adams bookshop (West Street, eThekwini). Ngingagcizelela, ngisho ngithi lencwadi ibukeka iyi-top seller. Yingakho kuthande ukuba lukhunyana ukuyithola kuma-bookshops. Sekusho kona ukuthi umuntu athi persist, on a continuous basis, with enquiries as to i-availability yayo.
Engethemba ngokuhamba kwesikhathi uzosizakala nsizwa yamabutho.
Gatsheni!
Mthiyane!
uMntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa
inkwali yenkosi
umcondo yegusha
Inxangiphilile
KwaDlangezwa
KwelikaMthaniya
__________________
uShamase wangempela!
Umqwashisi - impohlo engenankinga!
Igcokama likaNdonga.
Isishwapha sikaSomkhele.
Yangcol' into ngayintshinga - bayicosha abafokazana!
Futheka mnyekefuli.
Ngiwuphula ngamabomu umoya wakho - yilento ekubulalayo!
|