Boya Benyathi
Nxese ngokuphuza ukuphendula.
Tshela mina: uke wezwa ngohlelo lukaMashobane obelubizwa, 'izaqheqhe'? Belusakazwa bukhoma ngawo wonke amasonto, ngoLwesine, ebusuku, emsakazweni uKhozi FM. Wethu, uMntungwa ebephethe izaqheqhe zomlando wangempela. Ngeshwa loluhlelo lwaphela ngokuthatha kwakhe umhlalaphansi ngo-2003. Namanje I terribly miss that programme mfowethu. Awuboni ke laphayana ubukwazi ukuthola ulwazi olunzulu ngemvelaphi yakho 9 9!
Coming back to your question. Eish Mthiyane, kunzima ngempela ukuthi ngisho i-alternative ncwadi - yize ziningi zona. Nami ngiye ngagcina ngalo Uphoko lolu. UMashobane (Regie Sipho Khumalo) uye waveza uhlu lwezincwadi azisebenzisile ekulobeni kwakhe Uphoko.
Kubonakala sengathithi i-Adams ayikakabi nayo i-website. Sekuphoqela kona ukuthi mhlasimbe ufune inombolo yocingo lwabo, ubathinte bukhoma.
Ngingasho futhi ngithi mina: u-Shuter & Shooter is the best bet. Iya kwi-website yabo lena:
http://www.shuter.co.za
Bheka kwi-African languages catalogue. Uzobona izikhangiso zabo kunye nentengo yezincwadi abazidayisayo. Ngenhlanhla enkulu, Uphoko nalo lu listed lapho. Kukhona nezinye izincwadi ezifana njenga lezi:
UCetshwayo kaSenzangakhona
UDinizulu
Ulaka lwabaNguni
Mageba lazihlonza (uMashobane listed it as one of his sources)
Kuyosala izibongo
Izingwazi zaseAfrika
etc etc
Gatsheni, nsizwa yamabutho, uma ngabe uthola ukufunda loluhlu lwezincwadi, woba yincwasimende, usolwazi wangempela ngomlando waKwaZulu.
Awuboni ke nami ngizoyenza i-online order yami - angizukuphuthelwa!
Nangomuso.
Hheshe!
uMntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa
inkwali yenkosi
umcondo yegusha
Inxangiphilile
KwaDlangezwa
KwelikaMthaniya