|
Mbokazi
Nsizwa yamabutho, mina nginencwadi enohlu lwezithakazelo zezibongo zalapha KwelikaMthaniya. Kepha ngeshwa isibongo sakwaMbokazi asiveli neze.
Tshela mina: engabe kukhona izibongo ozazi ziyimxhantela yesakwenu? Engabe zikhona izithakazo ezithile ozaziyo wena, ezincike kwisibongo sakho - ukuze zingelekelele ekuphenyeni kwami kulencwadi?
Sengolinda impendulo yakho.
uMntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa
inkwali yenkosi
umcondo yegusha
Inxangiphilile
KwaDlangezwa
KwelikaMthaniya
__________________
uShamase wangempela!
Umqwashisi - impohlo engenankinga!
Igcokama likaNdonga.
Isishwapha sikaSomkhele.
Yangcol' into ngayintshinga - bayicosha abafokazana!
Futheka mnyekefuli.
Ngiwuphula ngamabomu umoya wakho - yilento ekubulalayo!
|