Thread: Izithakazelo
View Single Post
  #31 (permalink)  
Old 18th August 2005, 15:46
Umuth'ongothiwa Umuth'ongothiwa is offline
Registered User
 
Join Date: Jul 2005
Posts: 2
Ncobela

Kuyangithokozisa impela ukuthola ukuthi kusekhona abantu bomdabu abazigqaja ngemvelaphi yabo.

Mina,NgiwuNcobela,
Shawuza,
uShawuz'oshisayo,
Oshis'emuva nangaphambili,
Uqobodwana,
Usomdibela,
Umuth'ongothiwa ngiyawufuna
kukhon'intombi engiyibonile
wentombi uthanda-thanda abanjani?,

Ngifun'iSikhunyana somlilo ovuthayo,
ngishiy'uMaZulu ungigay'utshwala
ngoba ngilibhekise emshadweni womlami wami.
Uhambile uMuth'ongothiwa ukuyobheka lo ntokazi ehlathini.

Uqobo lwakhe uSomdibela ngizwa ngezinja zikhonkotha,
uMnguni omkhulu umshiyile umfo ka khehle, ngoba intsizwa zibiziwe entabeni.
Afikile amabutho kaShaka emfuna kodwa akatholakalanga.

Sesizwa ngezigi kanti Umnguni omncani uyagida,imvumile intombi.
Nango ebizi zinja zakhe
ethi: "nco-nco-nco-nco-nco-nco-nco-nco-nco-nco".

Basho bancama Umnguni omkhulu namabutho enkosi
bathi: u "nco(uMnguni omncani)" ube la ,
u "nco" ube la ,
u "nco" ube la ,
u "nco" ube la,
uNcobela,
uNcobela,
uNcobela

--------------------------------------------------------------------------------------------------------
Zinqamulwa amakhanda ziyekwe!!!!
Reply With Quote