Thread: Izithakazelo
View Single Post
  #36 (permalink)  
Old 13th October 2005, 12:32
Mthimbane Mthimbane is offline
Registered User
 
Join Date: Oct 2005
Posts: 6
Mbhele

Nxese Njomane

engikwaziyo mina ngoMbele, wukuthi bangoMpembha. Nzizozama ukuthola ukuthi bangobani ngoba kukhona nami engibaziyo.

Kwabanye-ke, ngishaya ibika ngezithakazelo zakwa Mthembu uMvelase KaNgoza kaNodada.Ukhona omunye wodadewethu oke waziphatha ekuqaleni. Kodwa ngamuzwa ethi
ungu "Mvelase, odla amathibane."

Empeleni oMvelase abawadl' amathibane, bathi bangawadla wazi ukuthi indlala iwile.


Mthimbane
uMthembu, Umvelase,
Ongawadl' amathibane,
Uthi angadl' amathibane
Indlal ib' iwile
UNodada oweqela ngale
Komful' impofana no Thukela.




Ngizobuya ngisayobuz' ikhehl elidala.
Reply With Quote