|
AMabhele
We Mbele, njengesithembiso, ngibuyile. Isimanga ngithola kukhal' ibhungane, bayephi bonk' abalobi kulamaqwebhu, kwathula kangaka.
Nazi-ke
Mphemba, Ntuli,
Wena kaSompisi
Sothole, Gudukazi uyiNcwayo.
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand' amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo.
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli.
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela.
Mazimuzimu enidla' abantu.
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole.
Umagaju njengengwe.
Inhlangu eyeqa iphindaphinda.
Umanxeba angamanxuluma
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika.
Mphemba!
Lang' elaphum' endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe
Lophum' endlebeni yengwenya.
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu.
Ugodo olumuka namankayiya.
Mgwabini wemikhonto,
Langa, Sompisi.
#
#
#
#
Ngizicoshe lapho ngicosha khona,
Nibongibhekela KoMthembu
Ngoba ngisafunana ne full version yabavelase.
uMthimbane.
|