Thread: Izithakazelo
View Single Post
  #52 (permalink)  
Old 24th May 2006, 19:46
KaNdaba KaNdaba is offline
Registered User
 
Join Date: Apr 2006
Posts: 5
Thumbs up Nazi ezamaNtungwa (ezifinqiwe)

AbakwaKhumalo bona bathi:

Okhatshwe ngezind'izinyawo
Nangezimfushanyana;
UMkhatshwa wawoZimangele,
Mntungwa!
Mbulaz'omnyama
Abathi bedl'umuntu,
Bebe bemyenga ngendaba.
Abadl'izimf'ezimbili,
Ikhambi laphuma lilinye.
Lobengula kaMzilikazi,
UMzilikazi kaMashobana;
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa.
Mabaso owabas'entabeni,
Kwadliwa ilanga lishona
Bantungw'abancwaba!
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela.
Nina bakwaMawela,
Owawel'iZambezi ngezikhali.
Nina bakaNkomo zavul'inqaba
Zavul'inqaba ngezimpondo,
KwelaseNgome.
Nina enal'ukudl'umlenze
KwaBulawayo!
Mantungwa aluhlaza!
Mantungw'amahle!
Bantwana benkosi,
Nina bakwaNtokela!
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abamkhule ngezinyawo ezimfushanyana,
Nezimaqhukulwana.
Inyang' abathe beth' ifil'uZulu,
Kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana ka Mpeyana.
UBando abalubande balushiy' uZulu.
UNyama yentini yawo Zimangele.
UNkomo zavul'inqaba ngezimpondo,
Ngoba zavul'iNgome zahamba.
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba;
UNkone evele ngobus' emdibini,
Yal' ukudl'umlenze kwaBulawayo.
Ndabezitha!
Maqhaw'amakhulu


_______________________________________________________________

Ngicela abazi ezamaShenge kaNdaba bangisize bo!
Reply With Quote