Quote:
Originally Posted by nzile
Please help me ngezithakazelo zakwaKhumalo.
|
Mntungwa!
Mbulaz'omnyama
Abathi bedl'umuntu,
Bebe bemyenga ngendaba.
Abadl'izimf'ezimbili,
Ikhambi laphuma lilinye.
Lobengula kaMzilikazi,
Mzilikazi kaMashobana
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa.
Mabaso owabas'entabeni,
Kwadliwa ilanga lishona
Bantungw'abancwaba!
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela.
Nina bakwaMawela,
Owawel'iZambezi ngezikhali.
Nina bakaNkomo zavul'inqaba
__________________
Mbokazi,Donda,Nxele,Sontuli,Hlamukazi,ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane zona ziphapha phezulu emafini,uphangela kobhongo koqhoqhoqho ,umlamlankunzi ngabe uziyekile zabulalana,Hlamukazi kaMdaka,Umdaka usezintangeni,wena owasephulamuthi uphekiwe endlini kamantombase,abakaphangela abaphangela izinkomo zamadoda lathi ilanga liphuma labe liphuma nezinkanzi zamadoda.
|