|
Makhathini
Yayinhle lento, Nazi ezakithi. Kithi sincike kakhulu kuXulu, uMkhumbe no Gubese, noMtshahe. Asisondele kangako kuMncwabe. Ungangibuzi ukuthi yini, nami kaluncela ebeleni lololwazi. Uqaphele-ke ukuthi lezi ezakwaXulu ngokomthetho, kodwa abakwaXulu, abakithi.
Xulu - Makhathini!
Mnguni!
Gxabhashe!
Nonkosi!
Mazalankosi!
Ngokuzal’uNozulu.
Sidangu bungebuhlalu.
Maweza, ziwele zawela.
Impofana zawel’uThukela,
Wohlo! Mathambo agcwal’izintaba.
Donda!
|