Izithakazelo ZakaShelembe
Hola Mzamela. UMpikayise Shelembe lo, from UKZN, Edgewood campus. Ngokuzazi kwami izithakazelo zakaShelembe zithi: Shelembe, Mzamela, Gobimbo, Khabahle, Mdinwa, Mtshelwa, Fakazi...( Yize noma uNgcamu sekwabasengathi isibongo esizimele, kodwa abakithi ngqo kwaShelembe. Ngokuhamba zehluka kancane, kwabanye bakaShelembe bafaka noGumede.
Mina nginguShelembe Mzamela, abanye bawoShelembe Ngcamu, abanye bawoShelembe Gumede. Kuya ngokuzalana kwesiShelembe. Wena uma unguMzamela, siyinzalo kaMzamela Shelembe) kodwa lokho akusho ukuthi abanye abasibo abakithi. Ezinye engingazifakanga, akungoba ngiziphika, kodwa yingoba mkhulu umndeni wakaShelembe. Mina ngizalwa eMsinga, lapho kugcwele khona uShelembe. Nase PMB mningi uShelembe, kodwa ngifisa ukwazi ukuthi ukuthi inkosi yakithi ikuphi ngiyekhona. :):)
|