Ntabaziyadela
Nginibingelele nonke nina beSilo. Nina bakaNodum’ehlezi kaMenzi. ILembe eleq’ amanye amalembe ngokukhalipha. Nami ngedlulisa ukubonga nentokozo ngaloluhlelo. Sibonge kumsunguli walo ngokusinika inkundla nesigcawu sokuthi sigiye siqephuze.
Nali elami igalelo muzi ompisholo: Kunomehluko phakathi kweSITHAKAZELO neSITHOPHO. Ngizoyihlaba iwe ngidedele ibandla liyathe liyihlinze. Liyikhiphe zonke izitho zayo kanye namantshontsho.
Ngiphose itshe esivivaneni kwababuze ngabakwaZwane. AbakwaZwane ngoMangethe. ONtshosho. Badabuka endaweni okuthiwa iTshenteka ngaseHlobane kwelaBaqulusi. ETshenteka yilapho okukhona khona itshe likaMangethe ukhokho wabo. Njengoba uyaye uzwe abantu bebathopha bethi wena WASETSHENI. Ngiyema lapha. Bangengeza abanye.
Ngu Ntabaziyadela ngoba zisha zibuye zihlume. Umbono obonwe zingane zaseMsinga zawulobalobela....
|