|
|||
|
izithakazelo nomlando
Heshe!
Ngicela ningisize bo! 'ngabe kukhona abazi izithakazelo zakwaMandlakazi. Engikwaziyo nje alesisizwe lilokhu; isiGqoza sikaMbuyazi sasilumise kabi uSuthu uCetshwayo waze wabiza uMandlakazi noMfanawendlela wakwaZungu. UHamu wayengakuCetshwayo kulempi. UShonkweni wayengakuMbuyazi esebuthweni leziMpisi. USikhotha kaMpande wahamba wayohlala esigodini sikaNgoza kaLudaba Majozi emva kwempi yaseNdondakusuka. ![]() |
|
|||
|
Umlando wezizwe ngezizwe azakhile emzansi Afrika
Hheshe bandleliphakathi!!
OkaSbungela umntwana uyabingelela. kungabakuhle uma labo abanolwazi ngemilando yezizwe ikakhulu amaZulu namaSwazi bake basichathazele ngolwazi. Ukunye engingakuthokozela ukuthola ngezithakazelo zakwaMavimbela - Omkholo lonsundu netinyawo takhe, sbungela. Ziyofundani izingane zethu uma singazinikezeli ngolwazi olufanele. Uma ubheka ezweni sakhile, ezinye izizwe zaphesheya kwezilwandle ikakhulu maphakathi nempumalanga ziyawalandela amasiko azo. okungukuthi inkolo yabo incike kakhulu empilweni abayiphilayo. ngiyazi ukuthi thina bantu okwethu kunemidanti ngenxa yokwamukela inkolo eyafika namaMishini. sengigadle zephuka, okaSbungela umntwana |
|
|||
|
Thula Du
Madoda
Kwakhal' ibhungane nje. Ziyephi zonke lenzinsizwa besixoxa amaxoxo nazo. Oka Mvelase, owavele' enyandeni ngomthwalo wakwa Mabaso, Okangoz' akakhokhob' ngob ekhokhobel' inkomo zamanye amadoda OkaNodad' oweqela ngale kwemiful' iMpofana noThukela. |
|
|||
|
Sanibonani
Ngiyakuthanda lokhu enikwenzayo, ningenza ngiziqhenye ngokuba umZulu. Ugogo ngiye ngimuzwe efaka : "manyelela njengentombi iy' esokeni". Kukhona owaziyo ukuthi lokhu kungenaphi ezithakazelweni zakwaSibiya? Ngiyabonga |
|
|||
|
Izithakazelo sakaKhumalo
Quote:
Please help me ngezithakazelo zakwaKhumalo. |
![]() |
| Thread Tools | Search this Thread |
| Display Modes | Rate This Thread |
|
|