|
|||
|
Ngiyanibingelela nina bakaMalandela
Awu isisu somhambi asingakanani singangentso yenyoni. Ngicela ningisize nami bo!, Sekuphele iminyaka ngifuna umuntu owazi izithakazelo zakithi. Ngithe mangithola Le-site ngasho ngathi sengilutholile usizo. Mina ngingo wakwa-Shelembe, ngazi ezincane ngicela nisize. Shelembe Mzamela, Khabahle,Dayingubo Komo eningi ezimnyama engathi ezenkosi. Nixole mangakungukuthi ngiyaphambuka okunge ngikuthole emigaqweni ngihlaya. Ngobongakahulu. |
|
|||
|
Hola Mzamela. UMpikayise Shelembe lo, from UKZN, Edgewood campus. Ngokuzazi kwami izithakazelo zakaShelembe zithi: Shelembe, Mzamela, Gobimbo, Khabahle, Mdinwa, Mtshelwa, Fakazi...( Yize noma uNgcamu sekwabasengathi isibongo esizimele, kodwa abakithi ngqo kwaShelembe. Ngokuhamba zehluka kancane, kwabanye bakaShelembe bafaka noGumede.
Mina nginguShelembe Mzamela, abanye bawoShelembe Ngcamu, abanye bawoShelembe Gumede. Kuya ngokuzalana kwesiShelembe. Wena uma unguMzamela, siyinzalo kaMzamela Shelembe) kodwa lokho akusho ukuthi abanye abasibo abakithi. Ezinye engingazifakanga, akungoba ngiziphika, kodwa yingoba mkhulu umndeni wakaShelembe. Mina ngizalwa eMsinga, lapho kugcwele khona uShelembe. Nase PMB mningi uShelembe, kodwa ngifisa ukwazi ukuthi ukuthi inkosi yakithi ikuphi ngiyekhona. :):) |
|
|||
|
izithakazelo
Sawubona, ngiyatsemba kutsi uyakwati kufundza siSwati. Ngifuna kukwatisa kutsi ungasahlupheki ngetiThakazelo, there is a website Wakahina.co.za - Lilizela Mlilizeli, African Surnames, Culture that strive in collecting all african surnames. the Word wakahina is a shangaan name for "Wakithi, or Wakitsi."
Check it out. and help build the african heritage, we call it F.A.B.A (For Africans By Africans) |
|
|||
|
Nginibingelele nonke nina beSilo. Nina bakaNodum’ehlezi kaMenzi. ILembe eleq’ amanye amalembe ngokukhalipha. Nami ngedlulisa ukubonga nentokozo ngaloluhlelo. Sibonge kumsunguli walo ngokusinika inkundla nesigcawu sokuthi sigiye siqephuze.
Nali elami igalelo muzi ompisholo: Kunomehluko phakathi kweSITHAKAZELO neSITHOPHO. Ngizoyihlaba iwe ngidedele ibandla liyathe liyihlinze. Liyikhiphe zonke izitho zayo kanye namantshontsho. Ngiphose itshe esivivaneni kwababuze ngabakwaZwane. AbakwaZwane ngoMangethe. ONtshosho. Badabuka endaweni okuthiwa iTshenteka ngaseHlobane kwelaBaqulusi. ETshenteka yilapho okukhona khona itshe likaMangethe ukhokho wabo. Njengoba uyaye uzwe abantu bebathopha bethi wena WASETSHENI. Ngiyema lapha. Bangengeza abanye. Ngu Ntabaziyadela ngoba zisha zibuye zihlume. Umbono obonwe zingane zaseMsinga zawulobalobela.... |
|
|||
|
Ndaba,phikela,nkonyane yenkosi,lingode wena owadel'izinkomo watheng'amadoda,ngoba amadoda ayo kusebenzela. angisazi ukuya phambili,sizani bo....
|
![]() |
| Thread Tools | Search this Thread |
| Display Modes | Rate This Thread |
|
|