|
|||
|
Izithakazelo
MINA NGINGU MHAYISE,UNGWANYA,USIYENDANA, UCEBISA, UGID'GOGWENI OVALA EMNYANGO NGAMAKHANDA AMADODA- u HLATSHWAYO.
INKABA YAMI IKWA NONGOMA KWELIKA MTHANIYA. IMVELAPHI YABAKWA HLATSHWAYO IKWELAKWA NGWANE (ESWAZINI). NGITHANDA UKUTHI ONOLWAZI OLUTHE UKUJULA NGESIZWE SAKITHI ANGELEKELELE NJENGOBA NGIZAMA UKUTHUNGATHA UMLANDO NJENGOBA UNJALO. KUNO HLATSHWAYO ESWAZINI,KWAMTHANIYA,KWAMTHWAKAZI,ETC INGABE SINGABENDLU EYODWA YINI? AMASHANGANE AKWAHLATSHWAYO BANEZITHAKAZELO EZITHI AZEHLUKE KWEZAMI, INGABE KUKHONA UKUHLOBANA NA? |
|
|||
|
Mazibuye emasisweni!!
Nina beSilo! UBhejane phuma esiqiwini. Nina bakaPhunga noMageba, bakaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda!
Akengiqale ngokutusa umsebenzi omuhle osewenziwe kakade, ngiphinde ngithi siyabonga kulowo owaqalisa lengxoxo kulengosi. Okungikhathazayo kunye kuphela, bambalwa abantu abolwazi olunzulu ngemvelaphi yezizwe nezibongo zabo. Iningi liyabhaduza nje kungathi abawona umsinsi wokuzimilela kulengabadi. Kahleni bo! Kuqalwa ekhaya kuqala. Namuhla uzwa abantu bebandlulula abanye bengazi ukuthi babandlulula abomndeni. Muva nje abakwaKhumalo nabanye abamsuka wabo ukwaMthaniya asebakhe kwelakwaMzilikazi (Zimbabwe) bebesocongwa bebulawa okwezinyamazane ngenxa nje yokuthi okhokho babo bawela iLimpopo emakhulwini amabili eminyaka edlule. Uma ungavakashela izingosi abafowethu base Zimbabwe ababeka imibono yabo kuyo (e.g Inkundla) uzophawula ukuzigqaja kwabo ngemvelaphi yabo kwaMthaniya. Elami liwukuthi masenze okusemandleni ethu ukufundisana ngokubaluleke kakhulu, imvelaphi yethu. Masikhuthalele ukucwaninga okujulile kwezibongo zethu, futhi sisize nabanye ukwazi okhokho babo. Ngiyaphinda futhi ngithi onolwazi ngabakwa Hlatshwayo makangadluli ngendlela inkomo iwe yabhajwa ngophondo. Phonsa esivivaneni bo!! UMhayise, uNgwanya, uSiyendana, uCebisa! |
|
|||
|
Umuntu obhungukile
Bodadewethu nabafowethu
Ngicela ningisize ngezithakazelo zakwaZikalala. Ngizama ukuthola umsuka / imvelaphi yami. UBaba azange asifundise lezinto asaphila, manje akasekho, senginenkinga yokuthi ngizobafundisani abantwana bami. Engakhona ukukubamba yilokhu. Khuze, Cebisa, Mhayise |
![]() |
| Thread Tools | Search this Thread |
| Display Modes | Rate This Thread |
|
|