|
|||
|
Bandla lakwethu
Mabandla kaMjokwane kaNdaba Nina bakaPhunga noMageba Nina beSilo Nina bakaMthaniya Nina enimpisholo ngebala - nimhlophe ngenhliziyo! Nginibingelele bandl' eliphakathi. UmfokaMkhwanazi lona, inkwali yenkosi, uShamase wangempela, uMtubatuba kaSomkhele, uVeyane, uMpangazitha, uMntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa, uNdonga uqobo lwakhe. Mzwakwethu, indaba yezithakazelo lena ingivusa usinga namadlingozi. Kuvele kuthi angishaye uzamthilili woqobo, ngithathe iqhabanga nomdlelo ngigiye ngibize abakithi. Awu suka madoda! Nokuncwada sengincwadile! Bakwethu, izithakazelo zakithi ziningi kabi. Angikwazi ukuziphimisa ngiziqede kulengosi. Okusemqoka nje ukuthi nginicaphunele ngamafuphi kulenqolobane yomcebo wakwaNdonga. Akeningitsheleke izindlebe zenu. Nakho ke ngibiza abakithi mina gcokama laseMtubatuba, iwundlu leSilo sohlanga: Nkwali yenkosi Nina bakaNkanankana Unondela mzimb’ owanik’ abafokazana Bunz’ ekhul’ elagedl’ imihanga Layigedl’ eMabuzabuzane Nina bakwaMthakath’ owathakath’ emini Abanye bethakath’ ebusuku Nina bakwaNkom’ isengwa ngokuqhubela Kumabandla kaNjokwe Nina bakaSakha lukhalweni lwabathakathi Abakude bobuya khona Nina bakaMbundu Nina bakaShiy’ osefile Nina bakaNdonga Ngubonhloko Abanye bazithwele Abanye bazibelethe Mpangazitha! Nin’ eningaweli ngezibuko Kodwa niwela ngezihlenga zolwandle Nina basegud’ inkomo Nina bakaNyamula kaMgabhi kaBohla Nina bakwaNyathi ijamele kwaMzilikazi BakwaNtaba kayikhonjwa Ikhonjwa ngabazakuyakhel’ imizi Nina bakaMaqhamasela njengelanga Nina bakwaMtubatuba Ayidle ishiyele ezinye mzwakwethu. Okumhlophe kinina nonke babhemu. Ayinamhlabeli. uMntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa inkwali yenkosi umcondo yegusha Inxangiphilile KwaDlangezwa KwelikaMthaniya
__________________
uShamase wangempela! Umqwashisi - impohlo engenankinga! Igcokama likaNdonga. Isishwapha sikaSomkhele. Yangcol' into ngayintshinga - bayicosha abafokazana! Futheka mnyekefuli. Ngiwuphula ngamabomu umoya wakho - yilento ekubulalayo! |
|
|||
|
Boya benyathi
Mthiyane Hheshe wena weLembe! Waze wangikhumbuza umngani wami ovuth' ekhaleni. Naye ngowakwaNdlovu. Angibonge kuwena nsizwa yamabutho. Wena wakwaNdlovu, Gatsheni! Boya benyathi! Buyasongwa buyasombuluka. Mpongo kaZingelwayo! Nina bakwaNdlovu zidl' ekhaya, Ngokweswel' abelusi. Nina bakwaKhumbula amagwala. Nina bakwaDemazane ntombazane Nina bakwaSihlangu sihle. Mthiyane! Ngokuthiy'amadod'emazibukweni. Nina bakwaMdubusi! Ayidle ishiyele ezinye uMntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa inkwali yenkosi umcondo yegusha Inxangiphilile KwaDlangezwa KwelikaMthaniya
__________________
uShamase wangempela! Umqwashisi - impohlo engenankinga! Igcokama likaNdonga. Isishwapha sikaSomkhele. Yangcol' into ngayintshinga - bayicosha abafokazana! Futheka mnyekefuli. Ngiwuphula ngamabomu umoya wakho - yilento ekubulalayo! |
|
|||
|
Gatsheni
Nsizwa yamabutho! Igcokama likaSomkhele lisekhona la kwelikaMthaniya. Ngisadla ngoludala wethu. Ngisashaya uzamthilili woqobo! Ave niyajabula nina esenivuleke umqondo ngokuwela phesheya kwezilwandle. Thina sisazidlela wona umoba wethu lo. Phila kodwa zinyane leSilo. uMntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa inkwali yenkosi umcondo yegusha Inxangiphilile KwaDlangezwa KwelikaMthaniya
__________________
uShamase wangempela! Umqwashisi - impohlo engenankinga! Igcokama likaNdonga. Isishwapha sikaSomkhele. Yangcol' into ngayintshinga - bayicosha abafokazana! Futheka mnyekefuli. Ngiwuphula ngamabomu umoya wakho - yilento ekubulalayo! |
|
|||
|
Ya khona umqondo uyavuleka umanagabe ungahlaleli ndawonye kodwa ngizosho into ibe inye vo, there's no place like home. Kuyasho khona ukuthi sihleli kwelaba mhlophe bayohlala besibukisa okwezi gqila kuyoze kuthi nkwe.
Siyanikhumbula bo lapho ekhaya, siyanithanda futhi. Ukhonze kubobonke(obani bona? angazi!) |
|
|||
|
Izithakazelo zakwaMbokazi
yemadoda madoda,uyazi uma nithinda indaba yezithakazelo ngifikelwa ngumunyu nosizi uma ngicabanga ukuthi mina ezakithi ibongo zakwaMbokazi angizazi, ngivese ngifise sengathi nami ngingazibiza kuhle kwenu izibongo zakwaDonda.Ngicela ningisize zakwethu ningitholele izithakazelo zakwaMbokazi,nginga jabula kakhulu. Obhalile,uMbokazi. |
![]() |
| Thread Tools | Search this Thread |
| Display Modes | Rate This Thread |
|
|