|
|||
|
Mbokazi
Nsizwa yamabutho, mina nginencwadi enohlu lwezithakazelo zezibongo zalapha KwelikaMthaniya. Kepha ngeshwa isibongo sakwaMbokazi asiveli neze. Tshela mina: engabe kukhona izibongo ozazi ziyimxhantela yesakwenu? Engabe zikhona izithakazo ezithile ozaziyo wena, ezincike kwisibongo sakho - ukuze zingelekelele ekuphenyeni kwami kulencwadi? Sengolinda impendulo yakho. uMntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa inkwali yenkosi umcondo yegusha Inxangiphilile KwaDlangezwa KwelikaMthaniya
__________________
uShamase wangempela! Umqwashisi - impohlo engenankinga! Igcokama likaNdonga. Isishwapha sikaSomkhele. Yangcol' into ngayintshinga - bayicosha abafokazana! Futheka mnyekefuli. Ngiwuphula ngamabomu umoya wakho - yilento ekubulalayo! |
|
|||
|
hhawu!! mta-kababa nxese phela ngokwephuza ukuphendula,engikwaziyo nje ngazi kuthiwa Mbokazi,Donda kuphelile njalo uyazi isono lesi kodwa,hhayi ngethembe ukuthi uzongisiza,sengibuya kolibrary koInternet lutho phela,omkhulu nogogo sebegugile abakhumbuli lutho olutheni.
Nginga jabula kakhulu uma ungangisiza funa mhlawumbe nami ngihambele phezulu ngithi umangiphendula ucingo ngibize ezakwethu ngize ngithi hooo!!!! ngihlabe phansi ngonyawo ngigiye. |
|
|||
|
I have no idea what you're saying but it's Great to see another SA language on here.Hopefully it'll grow with members, because the more South Africans of all cultures we get here the better.As long as it's all good and in a positive spirit we welcome diversity on this forum.
Enjoy! Hopefully some of you won't mind helping with translations on the 'Language' side?
__________________
************************************* Dumelang! Sanibona! Goeie dag! Good day! ************************************* ![]() Hello,and welcome. South Africa.com welcomes all who want to learn more about the diverse cultures and people of this beautiful country. WOESTYNRYER Beachbum,Philosopher and inventor of African Techno music with a kwaito beat.
|
|
|||
|
Mbokazi
Awu mfowethu, mina uDonda engimaziyo yilona owakwaSokhumalo. Ngisho uDonda weziziba, umfowabo kaMashobane, uyise kaMntungwa kaMbulaz' omkhulu - uMzilikazi. Eish, cha mfowethu kunzima ngempela ukuthi ngikusize. Na la engikhona, abekho abakwaMbokazi - bengizo babuza kabanzi ukuze ngikusize. UMbokazi engimaziyo mina munye vo, uZanele wohlelo lwe Gospel Gold kwi-SABC1. Kepha angazi ukuthi ungaxhumana naye kanjani, mhlasimbe angakuchathekela okuyingcosana anakho. Uma uthola umkhondo, siza ungasize ukuze ngikubhekele kulencwadi yami yezithakazelo. Nangomuso. uMntongenakudla kaNgogwane waKwaDlangezwa inkwali yenkosi umcondo yegusha Inxangiphilile KwaDlangezwa KwelikaMthaniya
__________________
uShamase wangempela! Umqwashisi - impohlo engenankinga! Igcokama likaNdonga. Isishwapha sikaSomkhele. Yangcol' into ngayintshinga - bayicosha abafokazana! Futheka mnyekefuli. Ngiwuphula ngamabomu umoya wakho - yilento ekubulalayo! |
|
|||
|
hey!!! kubi kuyenyukela impela,
ngibhalele umhleli weSolezwe eliwela umfula ugcwele, naye ungithembisile ukuthi usongisiza,ngizokwazisa kodwa uma sengilutholile usizo.Ngiyabonga ngokuzikhathaza kwakho.Last edited by mbokazi; 6th April 2005 at 15:25. Reason: mispelled word |
|
|||
|
You guys may be interested in this: http://translate.org.za/
It's a project within the open source community (Mozilla, Ubuntu, Linux in general, Open Office, etc.) that translates these pieces of free software into Zulu, Xhosa, Tswana and Afrikaans. It would be an excellent way to help fellow Zulu-speaking South Africans, and help to make the wonders of the internet and computing in general accessible to more South Africans. Quote:
|
|
|||
|
Heshe!! Mntongenakudla mfowethu,ngihambile ngithungatha ngaze ngathola utho,nakhu engikutholile Mbokazi,Mbuyazi,Sontuli,Magembe,Hlomuka noDonda ukhona phakade naphakade.
obuyela encwadini yakho ubheke hleze mhlawumbe uthole utho,nginga bonga kakhulu nkabi edonsayo uma ungangisiza,Heshe baba!! |
![]() |
| Thread Tools | Search this Thread |
| Display Modes | Rate This Thread |
|
|