Go Back   SouthAfrica.com Discussion Forum > Culture > History
User Name
Password
Register FAQ Members List Calendar Search Today's Posts Mark Forums Read


Reply
 
LinkBack Thread Tools Search this Thread Rating: Thread Rating: 37 votes, 4.00 average. Display Modes
  #36 (permalink)  
Old 13th October 2005, 11:32
Mthimbane Mthimbane is offline
Registered User
 
Join Date: Oct 2005
Posts: 6
Mbhele

Nxese Njomane

engikwaziyo mina ngoMbele, wukuthi bangoMpembha. Nzizozama ukuthola ukuthi bangobani ngoba kukhona nami engibaziyo.

Kwabanye-ke, ngishaya ibika ngezithakazelo zakwa Mthembu uMvelase KaNgoza kaNodada.Ukhona omunye wodadewethu oke waziphatha ekuqaleni. Kodwa ngamuzwa ethi
ungu "Mvelase, odla amathibane."

Empeleni oMvelase abawadl' amathibane, bathi bangawadla wazi ukuthi indlala iwile.


Mthimbane
uMthembu, Umvelase,
Ongawadl' amathibane,
Uthi angadl' amathibane
Indlal ib' iwile
UNodada oweqela ngale
Komful' impofana no Thukela.




Ngizobuya ngisayobuz' ikhehl elidala.
Reply With Quote
  #37 (permalink)  
Old 20th October 2005, 09:50
curiousmind curiousmind is offline
Registered User
 
Join Date: Oct 2005
Posts: 4
Mbhele

Mthimbane
I will wait for your reply cuz nami sengizame ngazengancama.
Reply With Quote
  #38 (permalink)  
Old 21st October 2005, 17:43
mluuu mluuu is offline
Registered User
 
Join Date: May 2004
Posts: 35
Umshengu

bafowethu kodwa bengi kuphi sonke lesikhathi ngishiy' wa yizinto ezimunandi kanje, lona obhalayo yinsizwa yaMASHABALA, UMSHENGU. uzwalwa yintokazi yakwaSIMELANE umsa KAS'KIZA NTJEBE UMAHLAMUSA ECANSINI. angazi bakwethu ukuthi ngingabonga ngithini ukwazi ukuthi bakhona nabakithi lapha.
__________________
MSHENGU, MSHABALALA, LUDVONGA, LAMAVUSO, WANGWANE
Reply With Quote
  #39 (permalink)  
Old 14th December 2005, 13:04
Mthimbane Mthimbane is offline
Registered User
 
Join Date: Oct 2005
Posts: 6
AMabhele

We Mbele, njengesithembiso, ngibuyile. Isimanga ngithola kukhal' ibhungane, bayephi bonk' abalobi kulamaqwebhu, kwathula kangaka.

Nazi-ke

Mphemba, Ntuli,
Wena kaSompisi
Sothole, Gudukazi uyiNcwayo.
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand' amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo.

Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli.
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela.
Mazimuzimu enidla' abantu.

Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole.
Umagaju njengengwe.
Inhlangu eyeqa iphindaphinda.
Umanxeba angamanxuluma
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika.

Mphemba!
Lang' elaphum' endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe
Lophum' endlebeni yengwenya.
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu.
Ugodo olumuka namankayiya.

Mgwabini wemikhonto,
Langa, Sompisi.
#
#
#
#

Ngizicoshe lapho ngicosha khona,
Nibongibhekela KoMthembu
Ngoba ngisafunana ne full version yabavelase.

uMthimbane.
Reply With Quote
  #40 (permalink)  
Old 10th January 2006, 10:47
curiousmind curiousmind is offline
Registered User
 
Join Date: Oct 2005
Posts: 4
Mbhele

Hawu ngiyabonga Mthimbane.
Awazi ungisize kanjani. Maybe sengizothola nomendo kwazi ba (joking).
I will try to find lezi ozifunayo to return the favour.
Reply With Quote
  #41 (permalink)  
Old 10th January 2006, 13:22
Mthimbane Mthimbane is offline
Registered User
 
Join Date: Oct 2005
Posts: 6
Wink Izithakazelo

Isithembu saqala ngaBathembu, ngiyethemba ukuthi nalonyaka ka2006 ozokulethela izinhlanhla ngoba naku usulandelisisa indabuko yakho.

Umvelase
Reply With Quote
  #42 (permalink)  
Old 9th February 2006, 10:25
Madlula Madlula is offline
Registered User
 
Join Date: Feb 2006
Posts: 1
Red face Izithakazelo

Ake ningincede bakewthu, mina ngingowakwa Mdlalose, uNyada we phahla, u Madubandlela. Yikho kodwa ke lokhu engikwaziyo ngezithakazelo zakithi. Bengicela bandla ukuthi uma ekhona ozaziyo angincede ngazo

Madlula!
Reply With Quote
Reply


Thread Tools Search this Thread
Search this Thread:

Advanced Search
Display Modes Rate This Thread
Rate This Thread:

Posting Rules
You may not post new threads
You may not post replies
You may not post attachments
You may not edit your posts

BB code is On
Smilies are On
[IMG] code is On
HTML code is Off
Trackbacks are On
Pingbacks are On
Refbacks are On



All times are GMT +2. The time now is 12:15.


Content Relevant URLs by vBSEO 3.0.0 RC4 © 2006, Crawlability, Inc.