|
|||
|
Umfo kaZulu ke lo! kaNkos'yabantu kaSendelezwe kaNtuli umehl'abomvu!
iS'thuli sikaNdaba, uNdaba kaMageba, Benkashana umenzi ephuz' umlazana kameva, abakaqobo uvula ngedolo zake zehlela i'nkomo ziqonde kwaSoshangane, bakwaZulu omyama othand' uk'gwaza inkomo zamadoda, uZulu omyama ondlela zimhlophe! uNdaba ohlasela ngothando elokwandis' abakwaMthaniya uthand' uhlasela ngothand' abakwaNgwane, zasho zanqundeka i'khali zaseNgwavuma, nonyaka-nonyaka uhlasela ngothando phesheya koMzimkhulu! umgag' wezul’ eliphezulu, mpondo zamila eJema! Zamila enkomen’ abayikhungela amgudu okubhemel'. uDlothovu akabhekek' uyesabeka ufan’ nemsebe yelanga. Dlothovu dlala abantu bakho bakulingene! uDlothovu njengebhubesi umgwadlazikazi ziyethuk' ushona kwelaseNkonjane ophumuz' abant' amaphiko! isihlahla somuthi! ubhensa behlab' ngemva nangaphambili" ...ngiyema lapho! Ake ningisize bo! ngicel' ezikaNdlangamandla kaNkosi okaDlamini, oSiwela oMphazima kaLanga abaseMadlovini!![]() |
|
|||
|
IZITHAKAZELO ZAKWA-BHENGU
Ngcolosi! Wena wakwaDlabazane, KaNgwane, kaNephu kaLamula, Nyawo zigezwa ngamazolo. Nina enivuka nixubhe ngelala, Shongololo! Wathi uyalithinta lahwaqabala Ngabe siyakudla sesab'imilenzelenze, Nyawo zeshongololo kaziphumuli. Sigampu Ngwane, ingwani ngwadi. Abayibone ngesond'ukuthi iwelile. Jali! Nina enilala nomunwe, Nivuke nikhwif'ilanga. Mmemezi kaHlangabeza! Ngcolosi! |
|
|||
|
IZITHAKAZELO ZAKWA-CELE
Ndosi! Khumbuza, Nkomo kayivuswa, Nkomo isengw'ilele, Ngob'ingenakuvuswa muntu! Kwasiqunga esihle, Esizalel'amazinye namasakabuli! Dibandlela! Magaye! Vico akagezanga, Obuye nensil'emfuleni, Ngob'ethembe ukugeza ngobisi! |
|
|||
|
IZITHAKAZELO ZAKWA-DLAMINI
Nkosi! Hlubi! Ludonga lukaMavuso, Abay'eMbo babuyelela. Abasidwaba weza nonina. Abengomane yaseMavaneni, Abaqed'uBombo ngokuhlehlezela, AbakwaSibhahuza SikaMabhanda eMpondweni. Inkonekaz'evele ngobusw'emgedeni. USamkethe, esinembay'emaLangeni, UMswazi kaSobhuza. Mlangeni! Nina bakwaKusa nelanga Nina bakwaWawawa. Lokothwayo! Sibalukhulu! Nina beNgwane, Nina besicoco sangenhlana. Kunene! |
|
|||
|
IZITHAKAZELO ZAKWA-MKHIZE
Gubhela! Gcwabe! Wena kaZihlandlo! Wena kaKhabazela kaMavovo! Mumbo omhlophe okhany' amasi esiswini! Nhlama eyaphelel' etsheni ngokubadaphunela. Ngunezi Bambo abambulazi, Abadl'umuntu bemyenga ngendaba Sibi side esimajembelezana, Sibi side esimaphandla esaphandl' abeNguni bavungama Nina bengwaz' emabhudle Eth' isabhudla yabuye yaphinda yabhudla Malala amahle Nin' enalala nomunwe Navuka nakhwif' ilanga. Abanye bakwa-Mkhize bathi: Gubhela! Gcwabe! Khabazela kaMavovo, Nhlama eyaphelel'etsheni, Ngokubadaphunela. MuMb'omhlophe! Sibi-side esimaphandla, Esaphandla abanguni bavungama. Mbo, uMbulazi okhanya amasi esiswini. Mbo, uMbulazi odla umuntu, Emyenga ngendaba. Enalala nomunwe, Navuka nakhwif'ilanga! Nzalo kaSambela! Nina baseMbo, Nina bakaSidaphudaphu, Ngokubadaphunela! Nzalo kaLuzalo Nzalo kaZelize! |
![]() |
| Thread Tools | Search this Thread |
| Display Modes | Rate This Thread |
|
|