|
|||
|
Sizani
Sizani ngezithakazelo zeNkosi uShaka
![]()
__________________
Mbokazi,Donda,Nxele,Sontuli,Hlamukazi,ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane zona ziphapha phezulu emafini,uphangela kobhongo koqhoqhoqho ,umlamlankunzi ngabe uziyekile zabulalana,Hlamukazi kaMdaka,Umdaka usezintangeni,wena owasephulamuthi uphekiwe endlini kamantombase,abakaphangela abaphangela izinkomo zamadoda lathi ilanga liphuma labe liphuma nezinkanzi zamadoda. |
|
|||
|
i'bongo zenkosi uShaka kaSenzangakhona
Nami Mfwethu yizo lezi bengizw' abomkhulu bezisho!
__________________________________________________________________________________ UDlungwana kaNdaba! UDlungwana woMbelebele, Odlung' emanxulumeni, Kwaze kwas' amanxulum' esibikelana. UNodumehlezi kaMenzi, USishaka kasishayeki kanjengamanzi, Ilemb'eleq' amany'amalembe ngokukhalipha; UShaka ngiyesab' ukuthi nguShaka, UShaka kuyinkosi yasemaShobeni. UNomakhwelo ingonyama; UMahlom' ehlathini onjengohlanya, Uhlany' olusemehlwen' amadoda. UDabaz' ithafa ebeliya kuMfene; UNomashovushovu kaSenzangakhona, UGaqa libomvu nasekuphatheni. UBholokoqa bazalukanisile, Zalukaniswe uNoju noNgqengenye, EyakwaNtombazi neyakwaNandi; Yayikhiph' eshoba libomvu, Ikhishwa elimhlophe lakwaNandi. Bambiz' eMthandeni beyisela, Bathi 'Singesinelane neNtungwa lasenhla', Kanti uzawudl' uPhakathwayo emphindelweni. UVumavumane lukaphephe, UDlungwana wavuma na? Umvumeleni uGodolozi, Ethi ngowanganeno kwaNandi, Kant' ukude kwaNtombazana? Ilanga eliphahl' elinye ngemisebe, Kalokhu liphahl' eliseMthandeni. Amazwi mabili engiwabongayo, Ngibong' elikaMpandaba nelikaNdungenkomo, Bethi "Ucu aluhlangan' entanyeni"; Akenibuze kwabaseZinkondeni, Bath'uHilwayo bayakumhlaba kwaHlokohloko, Kwaf' amasi kwaf' uqephe. Teku lwabafazi bakwaNomgabhi, Betekula behlez'emlovini, Beth' uShaka kakubusa kakuba nkosi, Kant' unyakan' uShaka ezakunethezeka. Inkom' ekhal' eMthonjaneni, Izizwe zonke ziyizwil' ukulila, Izwiwe uDunjwa waseluYengweni, Yezwiwa uMangcengeza wakwaKhali. UMlilo wothathe kaMjokwana; UMlilo wothathe ubuhanguhangu, Oshis' izikhova eziseDlebe, Kwaya kwasha neziseMabedlana. Odabule kuNdima noMgovu, Abafaz' abenendeni baphuluza; Imikhubulo bayishiy' izinqindi, Imbewu bayishiya semahlangeni, Izalukazi zasala semanxiweni, Amaxhegu asala semizileni, Iziqu zemithi zabheka phezulu. |
|
|||
|
AbakwaKhumalo bona bathi:
Okhatshwe ngezind'izinyawo Nangezimfushanyana; UMkhatshwa wawoZimangele, Mntungwa! Mbulaz'omnyama Abathi bedl'umuntu, Bebe bemyenga ngendaba. Abadl'izimf'ezimbili, Ikhambi laphuma lilinye. Lobengula kaMzilikazi, UMzilikazi kaMashobana; Shobana noGasa kaZikode, Zikode kaMkhatshwa. Mabaso owabas'entabeni, Kwadliwa ilanga lishona Bantungw'abancwaba! Zindlovu ezibantu, Zindlovu ezimacocombela. Nina bakwaMawela, Owawel'iZambezi ngezikhali. Nina bakaNkomo zavul'inqaba Zavul'inqaba ngezimpondo, KwelaseNgome. Nina enal'ukudl'umlenze KwaBulawayo! Mantungwa aluhlaza! Mantungw'amahle! Bantwana benkosi, Nina bakwaNtokela! Inkubele abayihlabe ngamanxeba, Abamkhule ngezinyawo ezimfushanyana, Nezimaqhukulwana. Inyang' abathe beth' ifil'uZulu, Kanti isiyetheswe, Yetheswe ngoNyakana ka Mpeyana. UBando abalubande balushiy' uZulu. UNyama yentini yawo Zimangele. UNkomo zavul'inqaba ngezimpondo, Ngoba zavul'iNgome zahamba. UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba; UNkone evele ngobus' emdibini, Yal' ukudl'umlenze kwaBulawayo. Ndabezitha! Maqhaw'amakhulu _______________________________________________________________ Ngicela abazi ezamaShenge kaNdaba bangisize bo! ![]() |
|
|||
|
ABakwaMdlalose
Nyanda wephandla Khwenta, Madlula, Mgabashe Bhudukuziwisa Phangakufa, Dikane Wena wephahla elinhloko-nhle Sphungulo sayongoye Magutshwa laph engefekhona Wena kanhlangothi zibomvu amanxela Wena webhaca elithanda impi ngoba ladla uDayi kaSkhova abazukulu kaFasile, kaMpiwenzani, kaThondolozi, kaNhlaka. (Yikhohlwa lendlu kaNhlaka. Indlunkulu yakhona iNengiseni kaSekethwayo inkosana kaNhlaka. bakhona futhi abakwaMdlalose abaziwa ngo-Jomela. kuseyibo bakhona. Phela, uJomela wakhulela ekhakonina. Ngiyethemba uzoneliseka (Phela uFasile uzalwa yindodakazi kaZiwedu, kaMpande khona le endlunkulu) ![]() |
|
|||
|
Ngibuyile
Kwathula nje baphi abantu?
Mthimbane ngangithe ngizozama izithakazelo zabathembu so here goes: Mvelase Nin'enavel'eNyandeni Ngomthwalo wakwaMabaso Nina bakwaGogolazitha Nina bakwaNobasali Nina bakwaVezi uNonyanda Nina bakaNgoz'akakhokhobi Ngoba wakhokhobel'izinkomo zamadoda Nina bakaVezi kaMandulo Nina bakaNotsele kaNodada Nina bakaSibhuzikazi simayikayika Nina bakaPhumuz'abant'amaphiko BaThemb'abaseng'inkom'izele Nina bakaGude Nonjolo! Madl'amathiban'indlal'iwile Nina bakoNonyezi Amahwanq'amakhulu Nina baseQhudeni Ngokudl'iqhude lifile Khathide! Maphanga! Zakwe! Kunene! Jubane! Sobuyase! Ngiyethemba ngishaye khona. ![]() |
|
|||
|
Ngabuya futhi
ezakwa Khambule
Mncube! Mzilankatha! Nina bakwaNkomo zilal'uwaca Ezamadojeyana zilal'amankengana Mlotshwa! Malandel'ilanga Mpangazitha! Magosolo! Nina basebuhlen'obungangcakazi Abadl'umbilini wenkomo kungafanele Kwakufanel'udliwe ngabalandakazi Nina bakaDambuza Mthabathe Nina basemaNcubeni Enabalekel'uShaka Naziphons'emfuleni Kwakhuz'abantu banifihla Naphenduk'abakwaKhambule Nafik'eSwazini Naphenduk'uNkambule Nina baseSilutshana Nin'enakhelana noMbunda Nina bakaMaweni |
|
|||
|
Re: eLangeni
Thina bakwa Mhlongo sithi
Makhedama! Soyengwase! Nina bakaBhebhe kaMthendeka Nina bakaSoqubele onjengegundane Nina baseSiweni KwaMpuku yakwaMselemusi KwaNogwence webaya Zingwazi zempi yakwaNdunu Njoman'eyaduk'iminyakanyaka Yatholakal'onyakeni wesine Yabuye yatholakala ngowesikhombisa Langeni Owavel'elangeni. # # # Ngaphandle ke uma ngingatshelwanga kahle ekhaya. |
![]() |
| Thread Tools | Search this Thread |
| Display Modes | Rate This Thread |
|
|