|
|||
|
Nkosi
Ndlangamandla! Mtungwa! Mawandla kaNdlela Nina baseMandlovini Mlotshwa! Siwela Mphazima kaLanga Nina bakwaLanga libomvu Elashis'amabel'ezikhuthali Mabuya sezembethe'ugogwane Mlotshwa akangakanani Ngoba nasentendeni yesandl'uyahlala Owaphath'induku'emnyama Washay'amanzi kwavel'udaka Nkonjane yenkosi Mpangazitha! |
|
|||
|
ezakwaMbokazi eziphelele
akwande nina bakwaPhunga noMageba,nina bakwaZulu,Zulu omnyama,Zulu kaMalandela,nina bendabuko,nina enadabuka enhlabathini yeAfrika,nina enibangiswa ezweni lenu kuthiwa izwe lethu nathi, esho umuntu ebalekela ilanga ngentwasa hlobo,uzibuze uthi habe nangu umuntu engihlolela!!
ngicela ningisize bafowethu ngezibongo eziphelele ezakwa Mbokazi Donda Nxele Sontuli Hlamukazi ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane zona ziphapha phezulu emafini uPhangela kobhongo koqhoqhoqho umlamlankunzi ngabe uziyekile zabulalana Hlamukazi kaMdaka Umdaka usezintangeni wena owasephulamuthi uphekiwe endlini kamantombase abakaphangela abaphangela izinkomo zamadoda lathi ilanga liphuma labe liphuma nezinkanzi zamadoda
__________________
Mbokazi,Donda,Nxele,Sontuli,Hlamukazi,ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane zona ziphapha phezulu emafini,uphangela kobhongo koqhoqhoqho ,umlamlankunzi ngabe uziyekile zabulalana,Hlamukazi kaMdaka,Umdaka usezintangeni,wena owasephulamuthi uphekiwe endlini kamantombase,abakaphangela abaphangela izinkomo zamadoda lathi ilanga liphuma labe liphuma nezinkanzi zamadoda. |
|
|||
|
Quote:
PLEASE Check you Private Messages |
|
|||
|
IZITHAKAZELO ZAKWA-NDLOVU
Gatsheni! Boya benyathi! Buyasongwa buyasombuluka. Mpongo kaZingelwayo! Nina bakwandlovu zidl' ekhaya, Ngokweswel' abelusi. Nina bakwakhumbula amagwala. Nina bakwademazane ntombazana Nina bakwasihlangu sihle. Mthiyane! Ngokuthiy'amadod'emazibukweni. Nina bakwaMdubusi! |
|
|||
|
IZITHAKAZELO ZAKWA-SIBIYA
Ndaba, Gumede Sibiya ngenkomo, Abafokazana bebiya ngamahlahla! Nina bakwankom' isengelwa emaweni, Ingasengelw' esibayeni akuyon' eyakhona. Gumede kaNdaba Mkhananda owafinyelela kubalondolozi, Wemuka noGodokazi way' eMfolozi. UHhiya kwabanani, Okwaphwekwa esendlini Kwaze kwephulwa esendlini Engazange afe kufudumala Mgxebe! Khathi! Nina bakaSotobe kaMpangalala |
|
|||
|
izithakazelo zakwankomo
bafowethu ngidinga usizo ngezithakazelo zakwaNkomo. Ngikhumbula umkhulu engibiza ngovezi, uzalakwande ngiseyingane. Angabe ukhona na ungangisiza ...Muntongenakudla..anyone. If so please kindly respond to iemail address yami ethi.owen.nkomo@telkomsa.net
|
![]() |
| Thread Tools | Search this Thread |
| Display Modes | Rate This Thread |
|
|