Go Back   SouthAfrica.com Discussion Forum > Culture > History


Reply
 
LinkBack Thread Tools Search this Thread Rating: Thread Rating: 39 votes, 4.03 average. Display Modes
  #113 (permalink)  
Old 18th June 2008, 16:21
SIHLISIZWE SIHLISIZWE is offline
Registered User
 
Join Date: May 2008
Posts: 3
Nakho okuncane engikutholile ngemvelaphi nobuhlobo phakathi kukaBiyela noNtshangase:

Abantu bakwaNtshangase kanye nabakwaBiyela bavela emzini wenkosi uNdaba indodana kaMageba kaZulu kaMalandela. UNdaba wayenemizi yakhe, kodwa ngemibili engizoyibalula lapha. Owokuqala kuseMqekwini. Lona kwakuyiwona muzi omkhulu. Yilapho kwavela khona inkosi uJama nabafowabo oNkwelo noMhana ababebalulekile embusweni wakhe uJama. Umuzi wesibili kwakuseGazini. Ukuze kuthiwe kuseGazini kulo muzi yingoba yiwona muzi okwakuthi uma kunemicimbi yakomkhulu kuhlatshwe khona. Ngakho kwakungumuzi obaluleke kakhulu esizweni senkosi uNdaba. Lapha eMqekwini kwakukhona uShwankeni umfowabo kaXhoko kanye noMgutshwa nabanye.

Kwavela esikhulu isigemegeme ngesikhathi abantwana baseMqekwini sebefuna ukuganwa ngabantwana baseGazini. Abakuthandanga abaseGazini lokhu ngoba bethi laba ngabafowabo. Ngenxa yokuphikelela kwalaba baseMqekwini laba baseGazini baze bashintsha kungentando yabo kwase kuthiwa bangabaseMgazini. Kwaqhutshekwa nokuganana kwezingane, kodwa abaseMgazini noma sebebizwa kanjalo abakubusisanga lokhu kuganana. UXhoko kanye nabanye abafowabo bazama ukuba babiyele umuzi wabo ukuze kungenzeki lokhu abangakufuni. Base bebhinqwa kuthiwa babiyela umuzi, base bethola isibongo sokuthi ngabakwaBiyela. Kwathi uShwankeni yena wathola esakwaNtshangase, ngoba kuthiwa bantshingiwe.

Kunamaqhawe abalulekile kwaNtshangase afana noMdlaka owayeyinduna kaShaka kanye noMasiphula owayeyinduna kaMpande.

Mhayise, uNgwanya, uSiyendana, uCebisa!
Reply With Quote
  #114 (permalink)  
Old 21st July 2008, 11:17
Mphemba Mphemba is offline
Registered User
 
Join Date: Jul 2008
Posts: 2
ntuli,mbhele,ndlela

injobo ithungelwa ebandla sizani bo nakhu ngemuka nomfula ngezithakazelo zakwa ntuli,ndlela,mbhele kuthiwa baluzalo lunye
Reply With Quote
  #115 (permalink)  
Old 21st July 2008, 11:26
Mphemba Mphemba is offline
Registered User
 
Join Date: Jul 2008
Posts: 2
ntuli,ndlela,mbhele

sizani ngezithkazelo nansi email yami senzontuli@ymail.com ngothokoza ngomlando wakwa ntuli mbhele ndlela
Reply With Quote
  #116 (permalink)  
Old 22nd July 2008, 16:52
sakza sakza is offline
Registered User
 
Join Date: Jul 2008
Posts: 1
Izithakazelo!!

bakithi, bengicela ubaningi tshele izithakazelo zakwa mthembu! kubalulekile lokhu khimi.
Reply With Quote
  #117 (permalink)  
Old 29th October 2008, 14:39
Saysobho Saysobho is offline
Registered User
 
Join Date: Oct 2008
Posts: 1
Izithakazelo zakwa Ngobese

Hheshe babhemu,

Ngingathanda ukwazi ezinye izithakazelo zakwa Ngobese. Mina ngishaya ngifike la:

Mqungebe, Delwa, Ntinda, Nina baseNtuzuma, Nin'enaphum'emgedeni ngenoni,nin'enadel'ukubusa nakhetha ukuhlupheka, Gamndana, Sihayo kaXhonxo
Reply With Quote
  #118 (permalink)  
Old 1st December 2008, 10:13
Mduduzee Mduduzee is offline
Registered User
 
Join Date: Nov 2008
Posts: 1
bakithi, bengicela ukuthi ningitshele izithakazelo zakwa Mabena,Mbuduma! kubalulekile lokhu khimi.
Reply With Quote
Reply

Thread Tools Search this Thread
Search this Thread:

Advanced Search
Display Modes Rate This Thread
Rate This Thread:

Posting Rules
You may not post new threads
You may not post replies
You may not post attachments
You may not edit your posts

BB code is On
Smilies are On
[IMG] code is On
HTML code is Off
Trackbacks are On
Pingbacks are On
Refbacks are On



All times are GMT +2. The time now is 05:22.


Powered by vBulletin® Version 3.7.2
Copyright ©2000 - 2009, Jelsoft Enterprises Ltd.
Content Relevant URLs by vBSEO 3.0.0 RC4 © 2006, Crawlability, Inc.
All Rights Reserved © 1995 - 2005 | Paley Media Inc. This site is operated under license to Paley Media, Inc. which is soley reponsible for its content.