Announcement

Collapse
No announcement yet.

Izithakazelo

Collapse
X
 
  • Filter
  • Time
  • Show
Clear All
new posts

  • Sibusiso
    replied
    Izithakazelo zakwa Mzelemu

    Ngicela owazi kahle ngesithakazelo sakwa Mzelemu nanokuthi kukhona yini lapho uMzelemu noKhawula behlangana khona

    Leave a comment:


  • melodyx.mzozo
    replied
    Izithakazelo

    Sanibonani nonke maNguni kulo lonke laseAfrica, onibulisayo uXola wakwaMzozo wesizwe samaWushe.
    Kuyangijabulisa ukubona abanye bakithi bezithanda kangaka izithakazelo zabo, ngifisa sengathi singaqhubeka njalo kuze sincedise ekuvuseleleni ubuntu bakithi.
    Ezakithi izithakazelo:
    Wushe Bekwa Mjoli Mbedu Sondzaba Mrhabishane magayiyana nokhakha faye nonkasa nontshikila deyi bebula sgonya popoyi mbongwa hlathsi qubulashe fafaza nonina masindza ngonwalu izizwane zisinda ngobulongwe sofelengceni njengenyamazane dzibandlela, azanele lana ngokuhamba kwesikhathi sazoqhubeka

    Leave a comment:


  • mfundo nkosi
    replied
    izithakazelo zakwaMsimang

    Msimang
    Thabizolo
    Nonkosi
    Mhlahlela
    Zinhloko zobafo
    Sisinda asisophuki sihlula madoda
    Umpande olumkenkenke!

    Ngu Mfundo Sabelo Nkosi ka Benedicta Zanele Msimang uthunjana ka Maria Busisiwe Msimang (MaJele) & Gilbert Zenzele Msimang ka Mfinyeli Msimang ka Silwane Msimang (iwele no Mteni Msimang) ka Mhlahlela Msimang njll...

    Leave a comment:


  • PhakathiMnguni
    replied
    Izithakazelo

    Hi,

    I am new on the site but before I do anything I need help with IZITHAKAZELO ZAMI, isibongo ngu Phakathi, into angiyaziyo ukuthi PHAKATHI MNGUNI kuphela. Bengicela kumuntu wakaPhakathi noma kumuntu owazi izithakazelo zakwaPhakathi aphendule le Post ngezithakazelo eziphelele.

    Ngiyabonga.

    Leave a comment:


  • Dumi
    replied
    Izithakazelo zakwa shoba

    Nazi ezikaMwelase(uNtshonondo)

    Shoba!

    Mwelase! (ongawelanga ngazibuko owele ngezinhlenge zomfula)

    Mpikela!

    Ntshonondo!

    Mafisa!

    uDada bhul'amanzi ngamaphiko

    iNkwenkwezi eyendele emafini ngokubikelana kwamakhwezi ukuthi sekuyasa


    Nazi ke ezikaMwelase (uNongalo)
    Shoba!

    Mwelase(ongawelanga ngazibuko owawela ngezimpambosi zomvula)

    Mpikela!

    Nongalo!

    Badl'insika balambile

    Nkomo kaziphuzi ubusika nehlobo

    Wena kamfen'encane eyawela emakhabeni

    (Sesiqedile ke ngezika Shoba uMwelase)


    Akesibone ezikaShoba(uMjakada)

    Shoba!

    Mjakada(ojakadule njengethole)

    Nowanqa

    Zikode


    Bese sigcina ngezika Shoba(uMbanzeni)

    Shoba!

    Mbanzeni!

    Mgcibe!

    Makhahlelana wakhahlel'umuntu waze wazingcolisa

    Ngwane

    Salivesha

    Mbangumuthi


    IBINDA MASHOBA AMAHLE SESINGAQHUBEKA KE LAPHA

    Contribution by Dumisani Shoba, email qhawes@telkomsa.net cell 0833079151

    Leave a comment:


  • Dumi
    replied
    Izithakazelo zakwa shoba

    ABAKWA SHOBA
    Kukhona oMwelase, oMjakada, kanye noMbanzeni
    Ngaphansi kukaMwelase kubuye kubekhona oNtshonondo, oNongedla, kanye no Nongalo bobathathu baphuma ku Mpikela

    uShoba(Nongedla)

    Mwelase(Ongawelanga ngazibuko owawela ngezimpambosi zomfula)

    Mpikela(ngokuphikelela, ondizelephezulu okwezinkonjane)

    Nongedla

    Ndumela(ngokugwaza amadoda nabafokazana, Unhlangothi zibomvu zimanxebanxeba)

    Mkhithika (onjengezulu)

    uMathumba Nduna ziya koNkosi

    uMagadl'eguqile njengethole

    umgobodi ovele ngamadlebe phezu kwentaba

    (Ziyaqhubeka)
    Ngokuzayo siyokuza nezi ka Mwelase, Ntshonondo kanye noNongalo. Kuyolandela ezika Shoba uMjakada, bese sigcina ngezika Shoba Mbanzeni

    Leave a comment:


  • Dumi
    replied
    izithakazelo zakwaShoba

    Nazi izithakazelo zakwa Shoba, Mwelase, Mpikela, Nongedla, Ntshonondo, Ndumela, Mkhithika, Mjakada, Nowanqa. If you know others please tell us.what I need to ukuthi sihlobene kanjano no Dubazana no Mazibuko no Madondo they are also Mwelase. Anyone with information plse let's talk. Dumi Shoba

    Leave a comment:


  • MSyabonga
    replied
    Mahlaba

    Guys i really need help ngidinga izithakazelo zakwaMahlaba plz lekelani boh ngisenkingeni

    Leave a comment:


  • Vikinduku
    replied
    Ngicela ningisize ngezithakazelo zakwa Ngubonde, futhi nginga thokoza kakhulu uma ngingaxuma nabakwakithi Kwa Ngubonde e KZN. Kuthiwa abakwa Ngubonde badabuka eNanda KZN. Inobolo yami yoncingo ithi 078 613 4152, ungabuye uxumane nami nge E-mail: godfrey.ngubeni@yahoo.com noma godfrey.ngubeni@live.co.za

    Leave a comment:


  • Vikinduku
    replied
    Izithakazelo zakwa Ngubonde

    Ngicela ningisize ngezithakazelo zakwa Ngubonde, futhi nginga thokoza kakhulu uma ngingaxuma nabakwakithi Kwa Ngubonde e KZN. Kuthiwa abakwa Ngubonde badabuka eNanda KZN.

    Leave a comment:


  • 0838958031
    replied
    Izithakazelo zakwaNdwandwe, Mkhatshwa, Nxumalo, Masuku

    sanibonani endlini, ngicela ningisiza ngezithakazelo zalezibongo
    Nxumalo
    Ndwandwe
    Masuku
    Mkhatshwa

    Leave a comment:


  • NdwaSwati
    replied
    Ncobela, Ngcobela

    Originally posted by Umuth'ongothiwa View Post
    Kuyangithokozisa impela ukuthola ukuthi kusekhona abantu bomdabu abazigqaja ngemvelaphi yabo.

    Mina,NgiwuNcobela,
    Shawuza,
    uShawuz'oshisayo,
    Oshis'emuva nangaphambili,
    Uqobodwana,
    Usomdibela,
    Umuth'ongothiwa ngiyawufuna
    kukhon'intombi engiyibonile
    wentombi uthanda-thanda abanjani?,

    Ngifun'iSikhunyana somlilo ovuthayo,
    ngishiy'uMaZulu ungigay'utshwala
    ngoba ngilibhekise emshadweni womlami wami.
    Uhambile uMuth'ongothiwa ukuyobheka lo ntokazi ehlathini.

    Uqobo lwakhe uSomdibela ngizwa ngezinja zikhonkotha,
    uMnguni omkhulu umshiyile umfo ka khehle, ngoba intsizwa zibiziwe entabeni.
    Afikile amabutho kaShaka emfuna kodwa akatholakalanga.

    Sesizwa ngezigi kanti Umnguni omncani uyagida,imvumile intombi.
    Nango ebizi zinja zakhe
    ethi: "nco-nco-nco-nco-nco-nco-nco-nco-nco-nco".

    Basho bancama Umnguni omkhulu namabutho enkosi
    bathi: u "nco(uMnguni omncani)" ube la ,
    u "nco" ube la ,
    u "nco" ube la ,
    u "nco" ube la,
    uNcobela,
    uNcobela,
    uNcobela

    --------------------------------------------------------------------------------------------------------
    Zinqamulwa amakhanda ziyekwe!!!!
    Nina enicobel'enibathandayo eningabathandi niyabakhahlela
    Nina eningafi ngaMkhonto enishayeka ngamatshe kuphela

    Leave a comment:


  • NdwaSwati
    replied
    Abakwa Ncobela

    Originally posted by Umuth'ongothiwa View Post
    Kuyangithokozisa impela ukuthola ukuthi kusekhona abantu bomdabu abazigqaja ngemvelaphi yabo.

    Mina,NgiwuNcobela,
    Shawuza,
    uShawuz'oshisayo,
    Oshis'emuva nangaphambili,
    Uqobodwana,
    Usomdibela,
    Umuth'ongothiwa;
    uSikhunyana indodana kaShaka,
    Umnguni,
    uthanda-thanda banjani?
    --------------------------------------------------------------------------------------------------------
    Ngiyabuya ngisayobona ikhehle lakwa Ncobela lingitshele kakhe.


    Zinqamulwa amakhanda ziyekwe!!!!

    Ngicela ukukulungisa Ncobela, kuyiphutha lokhu "uSikhunyana indodana kaShaka", ngingazi noma nithakazela kanjalo yini nina kodwa ngoko mlando akurhambi kanjalo.

    Mina ngazi kuthiwa:

    Shawuza!!!,
    Shawuz'oshisayo!!!
    oshisemuva nganga phambili
    Qobodwana
    Somdibela
    uthandomthandayo, ongamthandi uyamkhahlela
    umacash'ehlungwini njengeSongololo
    kashayeki ushayeka ngamatshe kuphela
    uMuth'ongothiwa owothiwa zinsizwa kuphela
    umagawulw'ahlume njenge sihlahla soMhlakothi
    Nkomo zabo ziningi zikhulela emaDuneni
    Nina bakaSikhunyana!!!

    >>>

    Abanye bathi:

    Mnguni!!!
    Shawuza!!!
    Shawuza Shebelele
    Shisemuva nangaphambili
    Nina bakaMazimba!!!


    >>>

    abanye bathi:

    Mnguni!!!
    Shawuza!!!
    Nina baseCebeleni
    eningahambi ngandlela ngoba ihamba abafokazana
    umahamb'anhlanhlathe njenge Nkala-nkala
    wen'okhany'ebumnyemni
    Nina bakaVundisa!!!
    Nina bakaMnyayi!!!

    >>>

    abanye bathi:

    Shawuza!!!
    Shabalala, Donga lwaMavuso
    Nina bakaMcaba!!!

    Leave a comment:


  • siphiwe hlophe
    replied
    brothers

    ngiqela usizo ngezithakazelo zakwa HLOPHE AND ZIMU IF YOU KNOW REPLY ME ON THIS
    email endro.hlophe@eskom.co.za

    Leave a comment:


  • mathanda
    replied
    Shwala

    ake ningiphe izithakazelo zakaShwala

    Leave a comment:

Working...
X